Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kimi! ngokuba nginjengalapho kuvuthwa izithelo zasehlobo nanjengezithelo zomvini zokuvuna; akukho hlukuzo lokudla; umphefumulo wami wafisa isithelo sokuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 7:1
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari.


Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu, ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu, njengokushaywa kweminqumo nanjengokukhothoza, lapho sekuvuniwe.


Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile! Maye kimi!” Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.


imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo, esenhloko yesigodi esivundileyo, ibe njengekhiwane elivuthiwe kungakafiki ukuvuna; olibonayo uyalibuka, aligwinye, lise sesandleni sakhe.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka