Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi: “Suka ulwe phambi kwezintaba, uzwise amagquma izwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi: “Sukuma umangalele izintaba, amagquma mawalizwe iphimbo lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini akushoyo uJehova; Vuka, ulwe phambi kwezintaba, amagquma ezwe izwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 6:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.


Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.


Zwanini, nibeke indlebe; ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.


Lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaJehova.


“Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova.


“ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.


Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi, lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka kuzo izizwe ezingalalelanga.”


Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.


Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.


USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.” Wathi kuye: “Khuluma.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka