Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukuthula kuyakuba yilokhu: lapho umAsiriya engena ezweni lakithi, anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lowo uyakuba ngukuthula, lapho umAsiriya engena ezweni lakithi; uma enyathela ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezinduna eziyisishiyagalombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 5:5
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.


“Kukhona izinto ezintathu ezingahlula ngokumangalisa, yebo, ezine engingazaziyo:


“Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha, yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:


Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili, ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.


ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”


oshoyo ngoKoresi ukuthi: ‘Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Bayakudabula elwandle lokuhlupheka, kushaywe amaza olwandle, nezintwa zonke zeNayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.


“Intukuthelo yami ivuthele abelusi; ngiyakujezisa izimpongo, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.


“Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka