Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 5:2
57 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.


Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.


Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.


noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.


Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


Bheka, sizwile ngakho e-Efratha, sakufumana ezweni laseJari.


Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye, nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe; ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ usho uJehova.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


“Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


“ ‘Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”


“Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.


yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;


UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila –


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.


Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.


Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;


kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”


Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka