Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyonquma amahhashi akho phakathi kwakho futhi ngichithe izinqola zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 5:10
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.


Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka