UMikha 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20201 Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20241 Kepha ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; futhi abantu bayothutheleka kuyo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.