Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maye kulabo abaceba ububi futhi benze okubi emibhedeni yabo! ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni esandla sabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 2:1
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’


Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: “Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa-Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.”


UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Bakhulelwe ingozi, bazala ukona; isisu sabo silungisela inkohliso.”


Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.


Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.


Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.


Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla.


Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.


Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona, nesideleli siyakube singasekho, nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,


UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


Izikhali zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.


Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!


Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi, neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda aceba okubi, anika iziluleko ezimbi kulo muzi,


Niyethemba enkembeni yenu, nenza izinengiso, ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?’


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.


Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi.


ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’


Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.


Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.


UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”


Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.


Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”


beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka