Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokuba bhekani, ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 3:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni. Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe uJakobe uyakwethaba, u-Israyeli ajabule.


Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.


Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


“Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


“ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami.


Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.


UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka