Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ungesabi, lizwe; jabula, uthokoze, ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 “Lizwe, ungesabi; jabula uthokoze, ngokuba uSimakade wenzile izinto ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ungesabi, zwe; jabula ujabule, ngokuba uJehova uyakwenza izinto ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:21
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?


Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihalalise kanyekanye


Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


“Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.


“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.


Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi.


“Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, uma kwake kwaba khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na?


“Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu.


Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka