Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:2
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”


Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.


Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.


Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.”


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.


Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.


Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba, njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


“Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nasemalungeni akho, akutshele.


Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka