Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Uwayale ukuba ngayinye ithathe itshe phakathi nomfula lapho kumi khona izinyawo zabaphristi, athathe amatshe ali-12. Niyakuwathatha niwele nawo, niwabeke endaweni lapho niyophumula khona, lapho niyolala khona ngalobo busuku.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyala kubo uthi: Thatha lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqine, amatshe ayishumi nambili, niwathwale, niwashiye endaweni yokulala kwenu. Uzochitha ubusuku kulobu busuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 4:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”


Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awakhuluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.”


Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”


UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJoshuwa ebayalile, bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa, njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka