Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 27:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Makube kude nami ukuba nginenze abalungileyo; ngize ngife, angiyikuthatha ukonakala kwami kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 27:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”


Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.


mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,


Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.


Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.


Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.


Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka