Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba, kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 2:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”


noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli; isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.


Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda akukho okuphelele, ngamanxeba nje, nemivimbo, nemidwa emisha; akukhanywanga ubovu, akuboshwanga, akuthanjiswanga ngamafutha.


ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.


futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka