Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 2:11
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa.


Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.


Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,


Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.


Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.


U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.


Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:


Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.


Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:


“Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.


Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu


Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:


Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi; labo ababengithanda sebengifulathele.


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.


Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.


Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.


“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.


Izihambi zakwaThema zabheka; izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.


Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:


Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.


Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.


Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo, ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.


Lokhu kokubili kukwehlele; ngubani okukhalelayo na? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.


Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


neGederoti, neBeti Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka