Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 1:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.


Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.


UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’


UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uJehova ungibizile kwasekuzalweni, waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.


Manje uthi uJehova owangibumba kwasekuzalweni ukuba ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe, kubuthelwe kuye no-Israyeli futhi ngidunyisiwe emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wami waba ngamandla ami


Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”


Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” emthokozisa nokumthokozisa.


Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele,


Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo


nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?


UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;


kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka