Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Maqondana negazi lenu okukulo ukuphila, ngiyakuliphindiselela kuzo zonke izilwane ngisho noma nibulalane nodwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi ngempela, igazi lempilo yenu ngizolibiza; esandleni sazo zonke izilwane ngiyakulibiza, nasesandleni somuntu; esandleni somfowabo ngamunye ngiyakufuna ukuphila komuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 9:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.”


kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?”


Yenza njengokuhlakanipha kwakho, ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.


U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.


UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”


Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.


Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.


Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.


“Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


“ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.


Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.


“ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.


ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


“Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,


amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.


Kanjalo uNkulunkulu wabuyisela ububi buka-Abimeleki abebenzile kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka