Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UJosefa wangena, wabikela uFaro, wathi: “Ubaba nabafowethu, nemihlambi yabo yezimvu, neyezinkomo, nakho konke abanakho, sebefikile bevela eKhanani, manje sebeseGosheni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJosefa wayesefika wamtshela uFaro lokho, wathi: “Ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bevela ezweni laseKhanani; bheka, basezweni laseGosheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:1
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho,


Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe.


Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.


UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka