Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 27:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wayesethi: “Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 U-Isaka wathi: “Sengimdala, futhi angilwazi usuku engizofa ngalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi: “Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 27:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho awuthathe manje izikhali zakho, umgodla wakho nomnsalo wakho, uye endle, ungizingelele inyamazane,


Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.


Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”


wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


“Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka