Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 18:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 18:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.


Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.


wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.


Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,


U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.


U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,


U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.


Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.


UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.


Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.


UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.


UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.


Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.


hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”


anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,


Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.


Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka