Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 11:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ake sehle lapho, siphambanise ulimi lwabo, ukuze bangezwani inkulumo yomunye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 11:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.


Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.


Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.


UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.


UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa, ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.


Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo, ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.


UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?


Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.


Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na?


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka