Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umhlaba waveza utshani, nezitshalo ezithela imbewu ngezinhlobo zazo, nemithi ethela izithelo, ekuyo imbewu yayo ngezinhlobo zayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 1:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo.


Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu.


Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni,


Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini.


Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.


Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu,


Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.


Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka