Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 10:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma kungenjalo, uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, kusasa ngiyoletha isikhonyane endaweni yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 10:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.


Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”


Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ”


Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.


Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.’ ”


Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.


UJehova wanquma isikhathi, wathi: “Kusasa uJehova uzakwenza lokhu ezweni.”


izinkumbi azinankosi, kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


“Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.


Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka