Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 9:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 “Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 9:25
4 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.


Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.


“Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka