Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 izwe likakolweni, nelebhali,* nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati,* izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izwe likakolweni nelebhali nezivini nemikhiwane namahalananda; izwe lamafutha omnqumo nezinyosi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 8:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.


Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.


USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’


Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.


Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”


Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*


Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.


Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Bafika esiGodini sase-Eshikoli,* banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.


Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.


“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”


“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,


namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana yamanzi, nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni,


izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka