Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 “Ngiyanexwayisa namuhla ukuthi uma nje nike namkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wenu, nalandela abanye onkulunkulu, nabakhonza, nakhuleka kubo, niyakubhubha nokubhubha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ubakhothamele, ngiyafakaza ngani namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 8:19
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


“Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


“Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


“Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka