UDuteronomi 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE8 kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20208 Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20248 Kodwa ngenxa yokuthi iN kosi yalithanda, langoba igcine isifungo eyasifunga koyihlo, i Nkosi yalikhupha ngesandla esilamandla, yalikhulula endlini yobugqili, esandleni sikaFaro, inkosi yeGibhithe. Uka jalj uñjjattʼäta |
UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?