Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo niyozishisa ngomlilo; isiliva noma igolide elikuso, ungalifisi, ungazithatheli lona, funa ucushwe yilo; ngoba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:25
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.


“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”


Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.


Wayesethi uMose: “Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?


Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”


Bhekani, nivela kokungekho, nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho; uyisinengiso onikhethileyo.


Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma into yesikhumba esikuyo isifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.


“ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.


niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.


Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.


“Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.”


nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka