Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke: akuyikubakho ndoda noma owesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:14
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.


UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”


UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.


“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka