UDuteronomi 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE12 “Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo, Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 202012 “Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe nomusa afunga ngawo kokhokho bakho. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202412 “Kuyakuthi, uma ulalela lezi zimiso, uzigcine, uzenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukugcinela isivumelwano nomusa akuthembisa oyihlo ngesifungo. Uka jalj uñjjattʼäta |
“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.