Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 ophindiselayo kwabamzondayo, ababhubhise; akayukulibala kulowo omzondayo, uyakuphindisela kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ubaphindisele abamzondayo ebusweni babo ukuba ababhubhise;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.


Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.


wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,


UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.


Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”


‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’


ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.


Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Ngalokho uyakugcina imiyalo, nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka