Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:21
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.


kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,


ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika-Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.


Ngokuba wahamba ezindleleni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.


bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo, benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova,


Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’


Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


abantu abangithukuthelisa ebusweni bami njalo, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini,


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.


“Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi: “Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”


Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


“Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.


yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka