Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 30:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyakushintsha ukuthunjwa kwakho, abe nesihe kuwe, abuye, akubuthe ezizweni zonke uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 30:3
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”


Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


Thanini: “Sisindise, Nkulunkulu wokusindiswa kwethu, usibuthe, usophule kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.”


kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’


UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.


wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga.


“Umzuzwana omncane ngakushiya, kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.


INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”


Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


“Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.


“Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiya muntu wabo khona;


Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.


Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu, bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.


Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.


kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.


kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka