Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 24:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Noma kunjalo, kumelwe ubuyisele kuye isibambiso lapho ilanga lishona, ukuze alale engutsheni yakhe futhi akubusise; lokhu kuyakuba ngukulunga kwenu phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 24:13
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.


Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.


“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;


ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


yena lo mubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe,


uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.


Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.’


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka