Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 23:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akukho mAmoni noma umMowabi oyakungena ebandleni likaJehova; bangangeni ebandleni likaJehova kuze kube isizukulwane seshumi kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 23:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.


UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”


Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,


Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?


Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.


“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’


“Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.


Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka