Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Awuyikuhlabela uJehova uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici noma enesifo; ngoba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.


Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;


Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Izisindo ezimbili nama-efa* amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.


kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa kuJehova ube yiphunga elimnandi: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho.


Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.


Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka