Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 10:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uyahlulela intandane nomfelokazi, uthanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 10:18
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela.


UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


“Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.


“Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.


“Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.


Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;


Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.


Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.


Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.”


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka