Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 1:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo yokumisa amatende enu, emlilweni ebusuku, ukuze anibonise indlela eniyakuhamba ngayo, nangefu emini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 1:33
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.


Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israyeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.”


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


Basuka entabeni kaJehova, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.


babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka