Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:18
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.


Beka, Jehova, indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.


Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.


onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”


Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”


Ake uzwe manje, nkosi yami, nkosi; ukunxusa kwami makufike phambi kwakho ukuba ungangibuyiseli endlini kaJonathani umbhali, funa ngifele khona.”


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka