Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha olwaphukileyo, esikhundleni salo okwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Kepha esikhundleni salolo olwephukileyo kwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, kodwa ingenamandla alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Njengoba seliqhekeziwe, kwavela ezine phambi kwalo, kuyakuvela imibuso emine esizweni, kodwa ingenamandla ayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 8:22
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.


“Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.


“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.


Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.


“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.


Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile, kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.


Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka