Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 4:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Bayokuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe kanye nezilwane zasendle; bayakukudlisa utshani njengezinkomo, kudlule kuwe izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, uwunike lowo athanda ukumnika wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 4:32
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.


“Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.


Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”


Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.


Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka