Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 3:25
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.


lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?


Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.


Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.


“Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”


Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”


Khona uNebukadinesari inkosi wethuka, wasuka wakhuluma, wathi kwabomkhandlu wakhe: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.”


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.


eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu


Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka