Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

30 Mina-ke, akungakuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kodwa mina, le mfihlo angembulelwanga ngenxa yokuhlakanipha enginakho kunabo bonke abaphilayo, kodwa ngenxa yalabo abayakwazisa inkosi incazelo, futhi wazi imicabango yenhliziyo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:30
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.


Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka