Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bema phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yasilaya ukuthi kubizwe izanusi labathakathi labathakathi lamaKhaladiya ukuze bamtshele inkosi amaphupho ayo. Bafike bema phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;


Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Lapho bethi kini: “Funani kwabanamadlozi nakubathakathi” ababetha imilozi, banyenyeze pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.


AmaKaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe, namandla ezimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.


Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.


Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


AmaFilisti abiza abapristi nababhuli, athi: “Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na? Saziseni ukuthi singawubuyisela kanjani endaweni yawo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka