Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kuzo zonke izindaba zokuhlakanipha nokuqonda inkosi eyayibabuza yona, yathola ukuthi babengcono ngokuphindwe kashumi kunabo bonke abahlola imilingo nabahlola izinkanyezi ababesembusweni wayo wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:20
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika, bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: “Buyelani kithi.”


Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?


Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.


Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka