Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Intamo yakho injengoMbhoshongo woPhondo lweNdlovu; amehlo akho angamachibi aseHeshiboni ngasesangweni laseBati Rabimi; impumulo yakho injengombhoshongo waseLebanoni obhekene neDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Intamo yakho ifana nombhoshongo wophondo lwendlovu, amehlo akho afana namachibi aseHeshibhoni, ngasesangweni eBhathi Rabhimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebhanoni, obhekene neDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Intamo yakho injengombhoshongo wophondo lwendlovu; amehlo akho njengamachibi ezinhlanzi eHeshiboni, esangweni laseBatrabimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebanoni obheke ngaseDamaseku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:4
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.”


UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo.


Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*


Ezinye izindaba zika-Ahabi, nakho konke akwenzayo, nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari,* imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.


nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.


kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.


Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;


Zonke izingubo zakho ziqholiwe ngenhlaka, nenhlaba, nekasiya;* ezindlini zobukhosi zophondo lwendlovu ukubethwa kwezingubhu zezintambo kukujabulisile.


Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.


Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.


Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe ngemihlobiso, okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane, onke eyizihlangu zamaqhawe.


Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili ezingamawele ensephe, ezidla phakathi kweminduze.


Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.


“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka