Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umlomo wakhe umnandi; yebo, uthandeka ngokuphelele. Lo ungothandiweyo wami, lo ngumngane wami, madodakazi aseJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba.


Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?


Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.


Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.


Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi.


Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, umlomo wakho muhle; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.


Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.


nomlomo wakho njengewayini elihle elihamba lehle kamnandi, lewuka ngezindebe nangamazinyo.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.


UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka