Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Othandiweyo wami unjengendluzele nenkonyana yendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakithi, ulunguza emafasiteleni, ubonakala emigodweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:9
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.


Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.


Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,


Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.


Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.


Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.


U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.


okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.


Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


“Wabheka efasiteleni, wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni: ‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka