Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wonke amadoda esivumelwano sakho akulethile emngceleni; abantu ababenokuthula nawe bakukhohlisile, bakwehlula; abadla isinkwa sakho babeke inxeba phansi kwakho; akukho ukuqonda kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele.


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na? Noma wembatha okubomvu, noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala.


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.


Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka