Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi –

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 7:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami, niyeke ukwenza okubi.


Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini.”


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!


Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.


UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”


Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.


Kwase kuvela ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka