Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kepha Yena uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 1:8
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.


uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.


Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.


uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;


UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:


Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka